1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Lo uyakuba ngumthetho wonochoko ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe: wolethwa kumpristi,
3. umpristi aphume ekamu,* umpristi abheke; uma isifo sochoko sipholile konochoko,
4. bheka, umpristi makayale ukuba oyakuhlanjululwa athathelwe izinyoni ezimbili ezihlambulukileyo nomsedari* nendwangu ebomvu nehisopi,*
5. umpristi ayale ukuba ihlatshwe enye yezinyoni esitsheni sebumba phezu kwamanzi agobhozayo.
6. Inyoni ezwayo uyakuyithatha kanye nomsedari nendwangu ebomvu nehisopi,* akugcobhoze kanye nenyoni ezwayo egazini lenyoni eyahlatshwa phezu kwamanzi agobhozayo,
7. amfafaze kasikhombisa oyakuhlanjululwa ochokweni lwakhe, asho athi uhlambulukile, ayiyeke inyoni ezwayo, iphumele endle.
8. “Oyakuhlanjululwa makahlanze izingubo zakhe, aphucule zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke; emva kwalokho uyakungena ekamu,* kepha ahlale ngaphandle kwetende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.