Ulevitikusi 14:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2. “Lo uyakuba ngumthetho wonochoko ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe: wolethwa kumpristi,

3. umpristi aphume ekamu,* umpristi abheke; uma isifo sochoko sipholile konochoko,

4. bheka, umpristi makayale ukuba oyakuhlanjululwa athathelwe izinyoni ezimbili ezihlambulukileyo nomsedari* nendwangu ebomvu nehisopi,*

5. umpristi ayale ukuba ihlatshwe enye yezinyoni esitsheni sebumba phezu kwamanzi agobhozayo.

6. Inyoni ezwayo uyakuyithatha kanye nomsedari nendwangu ebomvu nehisopi,* akugcobhoze kanye nenyoni ezwayo egazini lenyoni eyahlatshwa phezu kwamanzi agobhozayo,

Ulevitikusi 14