Ulevitikusi 13:52-57 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

52. Woshisa ingubo, noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo, noma eyoboya bezimbuzi noma eyelineni, noma into yesikhumba esikuyo isifo, ngokuba kuluchoko olubi; kuyakushiswa ngomlilo.

53. “Uma umpristi ebheka, isifo singandile engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba,

54. bheka, umpristi woyala ukuba bahlanze into isifo esikuyo, ayivalele ezinye izinsuku eziyisikhombisa;

55. umpristi ayibheke emva kokuhlanzwa kwesifo; bheka, uma ibala lingaphendulile umbala walo, lingandile, ingcolile; woyishisa ngomlilo; kungumcothu odlayo noma iqothukile ngaphakathi noma ngaphandle.

56. Uma umpristi ebheka, ibala selifiphele lihlanziwe, bheka, makalintwengule engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo;

57. uma lisabonakala engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba, wokushisa ngomlilo lokho isifo esikukho.

Ulevitikusi 13