Ulevitikusi 13:37-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

37. Kodwa uma ngokubona kwakhe umuna umi, kumilile kuwo izinwele ezimnyama, umuna usupholile, uhlambulukile; umpristi makasho athi uhlambulukile.

38. “Nanxa owesilisa noma owesifazane enamabala akhanyayo esikhumbeni senyama yabo, amabala amhlophe akhanyayo,

39. khona umpristi wobheka; uma amabala akhanyayo asesikhumbeni senyama yabo emhloshana efiphele, bheka, kuyisithembuzane esiqhamukile.

40. “Uma izinwele zomuntu zisukile ekhanda lakhe, uyimpandla; uhlambulukile.

41. Uma izinwele zisukile ekhanda lakhe ngasebusweni, uyimpandla ebunzini; uhlambulukile.

42. Kepha uma kukhona empandleni esekhanda noma empandleni esebunzini isifo esimhlophe sibomvana, kuluchoko oluqhamuka empandleni esekhanda lakhe noma empandleni esebunzini lakhe.

43. Khona umpristi uyakumbheka; uma idunguza lesifo limhlophe libomvana empandleni esekhanda lakhe noma empandleni esebunzini lakhe, njengokubonakala kochoko esikhumbeni senyama,

44. bheka, ungumuntu onochoko; ungcolile; umpristi makasho athi ungcolile; isifo sakhe sisekhanda lakhe.

45. “Onochoko esikuye isifo, maziklejulwe izingubo zakhe, zithukululwe izinwele zakhe, amboze amadevu akhe, akhale athi: ‘Ngingcolile! Ngingcolile!’

46. Zonke izinsuku isifo sisekuye uyakuba ngongcolile; ungcolile; uyakuhlala yedwa; indawo yokuhlala kwakhe iyakuba ngaphandle kwekamu.*

47. “Ingubo esikuyo isifo sochoko, noma yingubo yoboya noma yingubo yelineni,

48. noma sisezintanjeni eziqondileyo noma sikwezinqamulayo, ezelineni noma ezoboya bezimvu, noma sisesikhumbeni, noma sisentweni eyenziwe ngesikhumba,

49. uma ibala liluhlazana noma libomvana engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba, kuyisifo sochoko, siyakuboniswa umpristi.

Ulevitikusi 13