Ulevitikusi 13:31-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Uma umpristi ebheka ibala lomuna, libonakala lingashonile kunesikhumba, kungekho zinwele ezimnyama kulo, bheka, khona umpristi uyakumvalela onesifo somuna izinsuku eziyisikhombisa,

32. ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke isifo; uma umuna ungandile, futhi kungekho zinwele ezimpofu kuwo, umuna ubonakala ungashonile kunesikhumba,

33. bheka, uyakuziphucula, angaphuculi umuna kodwa, umpristi amvalele onomuna ezinye izinsuku eziyisikhombisa;

34. ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke umuna; uma umuna ungandile esikhumbeni, futhi ubonakala ungashonile kunesikhumba, bheka, umpristi makasho athi uhlambulukile; makahlanze izingubo zakhe, ahlambuluke.

35. Kepha uma umuna wanda esikhumbeni esehlambulukile,

36. umpristi wombheka; uma umuna wandile nokwanda esikhumbeni, bheka, umpristi makangafuni izinwele ezimpofu; ungcolile.

37. Kodwa uma ngokubona kwakhe umuna umi, kumilile kuwo izinwele ezimnyama, umuna usupholile, uhlambulukile; umpristi makasho athi uhlambulukile.

38. “Nanxa owesilisa noma owesifazane enamabala akhanyayo esikhumbeni senyama yabo, amabala amhlophe akhanyayo,

39. khona umpristi wobheka; uma amabala akhanyayo asesikhumbeni senyama yabo emhloshana efiphele, bheka, kuyisithembuzane esiqhamukile.

40. “Uma izinwele zomuntu zisukile ekhanda lakhe, uyimpandla; uhlambulukile.

41. Uma izinwele zisukile ekhanda lakhe ngasebusweni, uyimpandla ebunzini; uhlambulukile.

Ulevitikusi 13