19. kube yidunguza elimhlophe endaweni yethumba noma ibala elikhanyayo, limhlophe libomvana, khona kuyakuboniswa umpristi,
20. umpristi abheke; uma libonakala lishonile kunesikhumba, uboya balo buphendukile baba mhlophe, bheka, makasho athi ungcolile: kuyisifo sochoko, siqhamukile ethumbeni.
21. Kepha uma umpristi elibheka, kungekho boya obumhlophe kulo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa;
22. uma landa nokwanda esikhumbeni, umpristi makasho athi ungcolile; kuyisifo.
23. Kodwa uma ibala elikhanyayo limi endaweni yalo lingandi, kuyisibanda sethumba; umpristi makasho athi uhlambulukile.
24. “Nxa inyama inesibazi esikhumbeni sayo, inyama ebomvu yesibazi iphenduke ibala elikhanyayo, limhlophe libomvana noma limhlophe nje,
25. umpristi makalibheke; uma uboya obusebaleni elikhanyayo buphendukile baba mhlophe, libonakala lishonile kunesikhumba, bheka, kuluchoko; luqhamukile esibazini; khona umpristi uyakusho athi ungcolile; kuyisifo sochoko.
26. Kepha uma umpristi elibheka, kungekho boya obumhlophe ebaleni elikhanyayo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa,
27. umpristi ambheke ngosuku lwesikhombisa; uma landile nokwanda esikhumbeni, umpristi uyakusho athi ungcolile; kuyisifo sochoko.
28. Uma ibala elikhanyayo limi endaweni yalo, lingandi esikhumbeni, kodwa lifiphele, kuyidunguza lesibazi; umpristi makasho athi uhlambulukile, ngokuba kuyisibanda sesibazi.
29. “Nxa owesilisa noma owesifazane enesifo ekhanda noma esilevini,
30. umpristi uyakubheka ibala; uma libonakala lishonile kunesikhumba, kube kulo izinwele ezincane ezimpofu, bheka, umpristi makasho athi ungcolile: kungumuna, kuluchoko lwekhanda noma olwesilevu.