Ulevitikusi 13:16-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Uma-ke inyama ebomvu ibuye iphenduka ibe mhlophe, makaye kumpristi,

17. umpristi ambheke; uma ibala liphendukile laba mhlophe, bheka, khona umpristi uyakusho athi onesifo uhlambulukile; uhlambulukile.

18. “Nxa inyama ibinethumba esikhumbeni sayo, selaphola,

19. kube yidunguza elimhlophe endaweni yethumba noma ibala elikhanyayo, limhlophe libomvana, khona kuyakuboniswa umpristi,

20. umpristi abheke; uma libonakala lishonile kunesikhumba, uboya balo buphendukile baba mhlophe, bheka, makasho athi ungcolile: kuyisifo sochoko, siqhamukile ethumbeni.

21. Kepha uma umpristi elibheka, kungekho boya obumhlophe kulo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa;

22. uma landa nokwanda esikhumbeni, umpristi makasho athi ungcolile; kuyisifo.

23. Kodwa uma ibala elikhanyayo limi endaweni yalo lingandi, kuyisibanda sethumba; umpristi makasho athi uhlambulukile.

24. “Nxa inyama inesibazi esikhumbeni sayo, inyama ebomvu yesibazi iphenduke ibala elikhanyayo, limhlophe libomvana noma limhlophe nje,

25. umpristi makalibheke; uma uboya obusebaleni elikhanyayo buphendukile baba mhlophe, libonakala lishonile kunesikhumba, bheka, kuluchoko; luqhamukile esibazini; khona umpristi uyakusho athi ungcolile; kuyisifo sochoko.

26. Kepha uma umpristi elibheka, kungekho boya obumhlophe ebaleni elikhanyayo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa,

Ulevitikusi 13