Ulevitikusi 13:12-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. “Uma uchoko luqhamuka esikhumbeni, ukuze uchoko lusibekele isikhumba sonke sonesifo, kusukela ekhanda kuze kufike ezinyaweni njengokubona kompristi,

13. umpristi wobheka; uma uchoko lusibekele yonke inyama yakhe, bheka, uyakusho athi onesifo uhlambulukile; konke kuphendukile kwaba mhlophe: uhlambulukile.

14. Kepha njalo uma kuvela kuye inyama ebomvu, uyakuba ngongcolile.

15. Umpristi uyakubheka inyama ebomvu, asho athi ungcolile; inyama ebomvu ingcolile, iluchoko.

16. Uma-ke inyama ebomvu ibuye iphenduka ibe mhlophe, makaye kumpristi,

17. umpristi ambheke; uma ibala liphendukile laba mhlophe, bheka, khona umpristi uyakusho athi onesifo uhlambulukile; uhlambulukile.

18. “Nxa inyama ibinethumba esikhumbeni sayo, selaphola,

19. kube yidunguza elimhlophe endaweni yethumba noma ibala elikhanyayo, limhlophe libomvana, khona kuyakuboniswa umpristi,

20. umpristi abheke; uma libonakala lishonile kunesikhumba, uboya balo buphendukile baba mhlophe, bheka, makasho athi ungcolile: kuyisifo sochoko, siqhamukile ethumbeni.

21. Kepha uma umpristi elibheka, kungekho boya obumhlophe kulo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa;

Ulevitikusi 13