5. nembila, ngokuba iyetshisa, ingahlukanisi kodwa inselo; ingcolile kini;
6. nonogwaja, ngokuba uyetshisa, engahlukanisi kodwa inselo; ungcolile kini;
7. nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, idabula inselo kabili, ingetshisi kodwa; ingcolile kini.
8. Ningadli inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo; zingcolile kini.
9. “ ‘Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe ezisemanzini neziselwandle nezisemifuleni, lezo ningazidla.
10. Kepha zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe eziselwandle nezisemifuleni, nazo zonke eziswebezelayo emanzini, nazo zonke izinto eziphilayo emanzini ziyisinengiso kini.
11. Zoba yisinengiso kini; ningadli inyama yazo; izidumbu zazo ziyakunengeka kini.
12. Zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe emanzini ziyisinengiso kini.
13. “ ‘Yilezi eniyakunengwa yizo ezinyonini; aziyikudliwa, ziyisinengiso: ukhozi, nenqe, nengqungqulu,
14. nonhloyile, noheshe ngezinhlobo zakhe,
15. nawo onke amagwababa ngezinhlobo zawo,
16. nentshe, nenkovana, nenkanu, noklebe ngezinhlobo zakhe,
17. nesikhova, nomphishamanzi, nomxwagele,
18. nefukezi, nevuba, nophalane,
19. nonogolantethe, nonozalizingwenya ngezinhlobo zakhe, noziningweni, nelulwane.
20. “ ‘Nezilwanyana zonke ezinamaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine, ziyisinengiso kini.
21. Kepha lezi ningazidla kuzo zonke izilwanyana ezinamaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine, ezinamanqina ngaphezu kwezinyawo zazo ukuxhuma ngazo emhlabeni;