Ulevitikusi 11:36-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. Kepha umthombo nomgodi lapho amanzi eqoqene khona uyakube uhlambulukile, kodwa okuthinta izidumbu zazo kuyakuba ngokungcolile.

37. Uma izidumbu zazo ziwela phezu kwembewu etshalwayo ezakuhlwanyelwa, iyakuba ngehlambulukile.

38. Kepha uma amanzi ethelwa embewini, izidumbu zazo ziwele phezu kwayo, ingcolile kini.

39. “ ‘Uma kufa isilwane esidliwayo, othinta isidumbu saso uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.

Ulevitikusi 11