Ulevitikusi 11:35-47 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. Konke esiwela kukho isidumbu sazo kuyakuba ngokungcolile, noma iziko noma ikhanzi; makuphohlozwe; kungcolile, kuyakuba ngokungcolile kini.

36. Kepha umthombo nomgodi lapho amanzi eqoqene khona uyakube uhlambulukile, kodwa okuthinta izidumbu zazo kuyakuba ngokungcolile.

37. Uma izidumbu zazo ziwela phezu kwembewu etshalwayo ezakuhlwanyelwa, iyakuba ngehlambulukile.

38. Kepha uma amanzi ethelwa embewini, izidumbu zazo ziwele phezu kwayo, ingcolile kini.

39. “ ‘Uma kufa isilwane esidliwayo, othinta isidumbu saso uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.

40. Odla isidumbu saso makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; nothwala isidumbu saso makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

41. “ ‘Zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ziyisinengiso; mazingadliwa.

42. Zonke ezihamba ngesisu, nazo zonke ezihamba ngezinyawo ezine noma ngeziningi, nazo zonke ezinwabuzelayo emhlabeni, ningazidli, ngokuba ziyisinengiso.

43. Ningazenzi ninengeke ngezilwanyana ezinwabuzelayo, ningazingcolisi ngazo, funa ningcole ngazo.

44. Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu; ngalokho zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele; ningazingcolisi ngezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.

45. Ngokuba nginguJehova owakukhuphula ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; ngalokho yibani ngcwele, ngokuba ngingcwele.

46. “ ‘Yilowo umthetho wezilwane nowezinyoni nowezilwane zonke eziswebezelayo emanzini, nowezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni,

47. ukuba kwahlukaniswe okungcolileyo nokuhlambulukileyo, okuphilayo okudliwayo nokuphilayo okungadliwayo.’ ”

Ulevitikusi 11