Ulevitikusi 11:23-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Kepha zonke ezinye izilwanyana ezinamaphiko nezinyawo ezine ziyisinengiso kini.

24. “ ‘Niyakungcoliswa yilezi: bonke abathinta izidumbu zazo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.

25. Bonke abathwala utho lwezidumbu zazo bayakuhlanza izingubo zabo, babe ngabangcolile kuze kuhlwe.

26. “ ‘Zonke izilwane ezahlukanisa inselo, zingayidabuli kabili kodwa, zingetshisi, zingcolile kini; bonke abazithintayo bayakuba ngabangcolile.

27. Nazo zonke ezihamba ngezidladla kuzo zonke izilwane ezihamba ngezinyawo ezine zingcolile kini; bonke abathinta izidumbu zazo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.

28. Othwala izidumbu zazo makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; zingcolile kini.

29. “ ‘Lezi zingcolile kini kuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni: uchakide, nempuku, noxamu ngezinhlobo zakhe,

30. nesigcilikisha, nesiquzi, nentulo, nesibankwa, nonwabu.

31. Yilezo ezingcolile kini phakathi kwezilwanyana ezinwabuzelayo; bonke abazithintayo sezifile bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.

32. Konke esiwela phezu kwakho esinye sazo sezifile kuyakuba ngokungcolile, noma kuyinto yomuthi noma yingubo noma yisikhumba noma yisaka noma yintoni okusetshenzwa ngayo; makufakwe emanzini, kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.

33. Nezitsha zonke esiwela kuzo esinye sazo, noma yintoni ephakathi kwazo iyakuba ngengcolile, nize nizaphule.

34. Konke ukudla okudliwayo okukuzo, afika kukho futhi amanzi anjalo, kuyakuba ngokungcolile, nakho konke okuphuzwayo kuzo izitsha ezinjalo kuyakuba ngokungcolile.

35. Konke esiwela kukho isidumbu sazo kuyakuba ngokungcolile, noma iziko noma ikhanzi; makuphohlozwe; kungcolile, kuyakuba ngokungcolile kini.

Ulevitikusi 11