2. “Yishoni kubantwana bakwa-Israyeli, nithi: ‘Yilokhu okuphilayo eningakudla kuzo zonke izilwane zasemhlabeni:
3. zonke ezahlukanisa inselo, nezidabula inselo kabili, nezetshisayo kuzo izilwane, lezo ningazidla.
4. “ ‘Kepha lezi aniyikuzidla kwezetshisayo nakwezahlukanisa inselo: ikamela, ngokuba liyetshisa, lingahlukanisi kodwa inselo; lingcolile kini;
5. nembila, ngokuba iyetshisa, ingahlukanisi kodwa inselo; ingcolile kini;
6. nonogwaja, ngokuba uyetshisa, engahlukanisi kodwa inselo; ungcolile kini;
7. nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, idabula inselo kabili, ingetshisi kodwa; ingcolile kini.
8. Ningadli inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo; zingcolile kini.
9. “ ‘Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe ezisemanzini neziselwandle nezisemifuleni, lezo ningazidla.
10. Kepha zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe eziselwandle nezisemifuleni, nazo zonke eziswebezelayo emanzini, nazo zonke izinto eziphilayo emanzini ziyisinengiso kini.
11. Zoba yisinengiso kini; ningadli inyama yazo; izidumbu zazo ziyakunengeka kini.
12. Zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe emanzini ziyisinengiso kini.