Ulevitikusi 11:17-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. nesikhova, nomphishamanzi, nomxwagele,

18. nefukezi, nevuba, nophalane,

19. nonogolantethe, nonozalizingwenya ngezinhlobo zakhe, noziningweni, nelulwane.

20. “ ‘Nezilwanyana zonke ezinamaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine, ziyisinengiso kini.

21. Kepha lezi ningazidla kuzo zonke izilwanyana ezinamaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine, ezinamanqina ngaphezu kwezinyawo zazo ukuxhuma ngazo emhlabeni;

22. kuzo ningadla lezi: isikhonyane ngezinhlobo zaso, namaboni ngezinhlobo zawo, namadiye ngezinhlobo zawo, nezintethe ngezinhlobo zazo.

23. Kepha zonke ezinye izilwanyana ezinamaphiko nezinyawo ezine ziyisinengiso kini.

24. “ ‘Niyakungcoliswa yilezi: bonke abathinta izidumbu zazo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.

25. Bonke abathwala utho lwezidumbu zazo bayakuhlanza izingubo zabo, babe ngabangcolile kuze kuhlwe.

26. “ ‘Zonke izilwane ezahlukanisa inselo, zingayidabuli kabili kodwa, zingetshisi, zingcolile kini; bonke abazithintayo bayakuba ngabangcolile.

27. Nazo zonke ezihamba ngezidladla kuzo zonke izilwane ezihamba ngezinyawo ezine zingcolile kini; bonke abathinta izidumbu zazo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.

Ulevitikusi 11