11. Zoba yisinengiso kini; ningadli inyama yazo; izidumbu zazo ziyakunengeka kini.
12. Zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe emanzini ziyisinengiso kini.
13. “ ‘Yilezi eniyakunengwa yizo ezinyonini; aziyikudliwa, ziyisinengiso: ukhozi, nenqe, nengqungqulu,
14. nonhloyile, noheshe ngezinhlobo zakhe,
15. nawo onke amagwababa ngezinhlobo zawo,
16. nentshe, nenkovana, nenkanu, noklebe ngezinhlobo zakhe,
17. nesikhova, nomphishamanzi, nomxwagele,
18. nefukezi, nevuba, nophalane,
19. nonogolantethe, nonozalizingwenya ngezinhlobo zakhe, noziningweni, nelulwane.
20. “ ‘Nezilwanyana zonke ezinamaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine, ziyisinengiso kini.
21. Kepha lezi ningazidla kuzo zonke izilwanyana ezinamaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine, ezinamanqina ngaphezu kwezinyawo zazo ukuxhuma ngazo emhlabeni;
22. kuzo ningadla lezi: isikhonyane ngezinhlobo zaso, namaboni ngezinhlobo zawo, namadiye ngezinhlobo zawo, nezintethe ngezinhlobo zazo.
23. Kepha zonke ezinye izilwanyana ezinamaphiko nezinyawo ezine ziyisinengiso kini.