Ulevitikusi 11:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi kubo:

2. “Yishoni kubantwana bakwa-Israyeli, nithi: ‘Yilokhu okuphilayo eningakudla kuzo zonke izilwane zasemhlabeni:

3. zonke ezahlukanisa inselo, nezidabula inselo kabili, nezetshisayo kuzo izilwane, lezo ningazidla.

4. “ ‘Kepha lezi aniyikuzidla kwezetshisayo nakwezahlukanisa inselo: ikamela, ngokuba liyetshisa, lingahlukanisi kodwa inselo; lingcolile kini;

5. nembila, ngokuba iyetshisa, ingahlukanisi kodwa inselo; ingcolile kini;

6. nonogwaja, ngokuba uyetshisa, engahlukanisi kodwa inselo; ungcolile kini;

Ulevitikusi 11