2. Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, wabaqeda, bafa phambi kukaJehova.
3. UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi:“ ‘Kubo abaseduze namingiyakungcweliswa,phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ”U-Aroni wathula.
4. UMose wabiza oMishayeli no-Elisafani amadodana ka-Uziyeli, uyisekazi ka-Aroni, wathi kubo: “Sondelani, nibasuse abafowenu ngaphambi kwendlu engcwele, nibakhiphele ngaphandle kwekamu.*”
5. Base besondela, babasusa bembethe amabhantshi abo, babakhiphela ngaphandle kwekamu,* njengalokho eshilo uMose.
6. UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe: “Ningathukululi izinwele zamakhanda enu, ningaklebhuli izambatho zenu ukuba ningafi, ingathukuthelelwa yonke inhlangano, kepha abafowenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, mabalilele ukushisa akuphembileyo uJehova.
7. Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaJehova aphezu kwenu.” Benza-ke njengezwi likaMose.
8. UJehova wakhuluma ku-Aroni, wathi:
9. “Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho kanye nawe, nxa ningena etendeni lokuhlangana, ukuba ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.
10. Niyakwahlukanisa okungcwele nokungengcwele, okungcolileyo nokuhlambulukileyo,
11. nize nifundise abantwana bakwa-Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngesandla sikaMose.”
12. UMose wakhuluma ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe aseleyo, wathi: “Thathani umnikelo wempuphu osele eminikelweni yomlilo kaJehova, niwudle ungenamvubelo ngaseceleni kwe-altare, ngokuba ungcwelengcwele,
13. niwudle endaweni engcwele, ngokuba kuyimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho eminikelweni yomlilo kaJehova; ngokuba ngiyaliwe kanjalo.