1. ONadabi no-Abihu amadodana ka-Aroni bathatha bobabili imicengezi yabo yomlilo, bafaka umlilo kuyo, babeka impepho phezulu, banikela phambi kukaJehova ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo.
2. Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, wabaqeda, bafa phambi kukaJehova.
3. UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi:“ ‘Kubo abaseduze namingiyakungcweliswa,phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ”U-Aroni wathula.
4. UMose wabiza oMishayeli no-Elisafani amadodana ka-Uziyeli, uyisekazi ka-Aroni, wathi kubo: “Sondelani, nibasuse abafowenu ngaphambi kwendlu engcwele, nibakhiphele ngaphandle kwekamu.*”
5. Base besondela, babasusa bembethe amabhantshi abo, babakhiphela ngaphandle kwekamu,* njengalokho eshilo uMose.
6. UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe: “Ningathukululi izinwele zamakhanda enu, ningaklebhuli izambatho zenu ukuba ningafi, ingathukuthelelwa yonke inhlangano, kepha abafowenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, mabalilele ukushisa akuphembileyo uJehova.
7. Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaJehova aphezu kwenu.” Benza-ke njengezwi likaMose.
8. UJehova wakhuluma ku-Aroni, wathi:
9. “Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho kanye nawe, nxa ningena etendeni lokuhlangana, ukuba ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.
10. Niyakwahlukanisa okungcwele nokungengcwele, okungcolileyo nokuhlambulukileyo,
11. nize nifundise abantwana bakwa-Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngesandla sikaMose.”
12. UMose wakhuluma ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe aseleyo, wathi: “Thathani umnikelo wempuphu osele eminikelweni yomlilo kaJehova, niwudle ungenamvubelo ngaseceleni kwe-altare, ngokuba ungcwelengcwele,
13. niwudle endaweni engcwele, ngokuba kuyimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho eminikelweni yomlilo kaJehova; ngokuba ngiyaliwe kanjalo.