Ulevitikusi 1:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova esetendeni lokuhlangana wambiza uMose, wakhuluma kuye, wathi:

2. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu wakini eletha umnikelo kuJehova, anonikela ngomnikelo wenu wezinkomo zemihlambi nowezimvu.

3. “ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova.

4. Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa; uyakwamukelwa ngenxa yakhe, umenzele ukubuyisana.

5. Wolihlaba iduna phambi kukaJehova, amadodana ka-Aroni, abapristi, alethe igazi, afafaze ngegazi nxazonke ze-altare elingasemnyango wetende lokuhlangana.

6. Uyakuhlinza umnikelo wokushiswa, awuhlahlele izitho.

7. Amadodana ka-Aroni umpristi abeke umlilo e-altare, ahlele izinkuni phezu komlilo;

8. amadodana ka-Aroni, abapristi, ahlele izitho, nenhloko, namanoni, phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare,

9. ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.

10. “ ‘Uma umnikelo wakhe ungowemihlambi, owasezimvini noma owasezimbuzini, ube ngumnikelo wokushiswa, wonikela ngeduna elingenasici.

11. Alihlabe ngasohlangothini lwe-altare olungasenyakatho phambi kukaJehova; amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare ngegazi lalo nxazonke.

12. Alihlahlele izitho nenhloko yalo namanoni alo, umpristi akuhlele phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare,

Ulevitikusi 1