Ujoweli 3:5-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. njengalokho nithathile isiliva lami negolide lami, nangenisa izinto zami ezinhle emathempelini enu,

6. nathengisa ngabantwana bakwaJuda nangabantwana baseJerusalema kumadodana aseJavani ukuba nibadedisele kude nemikhawulo yabo.

7. “Bhekani, ngiyakubavusa endaweni enithengisile kuyo ngabo, ngibuyisele ekhanda lenu isenzo senu.

8. Ngiyakuthengisa ngamadodana enu nangamadodakazi enu esandleni sabantwana bakwaJuda, bona bathengise ngabo kumaSheba, isizwe esikude,” ngokuba uJehova ukhulumile.

9. Memezelani lokhu phakathi kwabezizwe,ningcwelise impi,niwavuse amaqhawe;mawasondele,enyuke onke amadoda empi.

10. Khandani amakhuba enu abe yizinkemba,ocelemba benu babe yimikhonto,obuthakathaka asho ukuthi ngiyiqhawe.

11. Sheshani nifike nina bezizwe zonke nxazonke, nibuthane,wehlisele khona amaqhawe akho, Jehova.

12. “Mabazivuse abezizwe,benyukele esigodini sikaJehoshafati,ngokuba ngahlulele bonke abezizwe nxazonke.

13. Fakani isikela,ngokuba okuzakuvunwa sekuvuthiwe;ngokuba isikhamo sewayini sigcwele,nezikhongozelo ziyachichima,ngokuba ububi babo bukhulu.”

14. Yizixuku ngezixuku esigodini sokwahlulela,ngokuba usuku lukaJehova lusondele esigodini sokwahlulela.

15. Ilanga nenyanga kuba mnyama,izinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.

Ujoweli 3