1. “Ngokuba ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,
2. ngiyakubutha zonke izizwe,ngizehlisele esigodini sikaJehoshafati,ngahlulelane nazo khona ngenxa yabantu baminesabelo sami u-Israyeli,ezibahlakazile phakathi kwezizwe,zabela izwe lami.
3. Zenza inkatho ngabantu bami,zanika umfana ngesifebe,zathengisa ngentombazana ngenxa yewayini,zaliphuza.
4. “Niyini kimi, nina Tire neSidoni, nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na? Niyakungibuyisela utho na? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,