Ujoweli 2:19-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. UJehova waphendula,wathi kubantu bakhe:“Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha,nisuthe ngakho,ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.

20. “Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho,ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo,ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga,umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga,kukhuphuke ukunuka kwakhe,kwenyuke iphunga lakhe elibi;”ngokuba wenzile izinto ezinkulu.

21. Ungesabi, lizwe;jabula, uthokoze,ngokuba uJehova wenzile izinto ezinkulu.

22. Ningesabi, zilwane zasendle,ngokuba amadlelo asehlane ayahluma,nemithi ithela izithelo,umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.

23. Jabulani, bantwana baseSiyoni,nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu,ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga,unehlisela imvula,eyokuqala neyamuva,njengasekuqaleni.

24. Izibuya ziyakugcwala amabele,nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha.

25. “Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane,nezinkumbi, nenkasa, nesibotho,impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.

26. Niyakudla nokudla, nisuthe,nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenuoniphathe ngokumangalisayo;abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

27. Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyelinokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu,akakho omunye;abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

28. “Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama;amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,abadala benu baphuphe amaphupho,izinsizwa zenu zibone imibono;

29. naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezo zinsukungiyakuthulula uMoya wami.

30. Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni,igazi, nomlilo, nezinsika zomusi.

31. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama,inyanga ibe yigazi,lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.

32. Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehovabakhululwe,ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalemakuyakuba ngabasindileyo,njengalokho eshilo uJehova,naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.

Ujoweli 2