1. Bethani icilongo eSiyoni,nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele;mabathuthumele bonke abakhe ezweni,ngokuba luyeza usuku lukaJehova,ngokuba lusondele;
2. usuku lobumnyama nolwesigayegaye,usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu,njengokusa kwenekwe ezintabeni,abantu abaningi abanamandlaabangazange babe ngabanjalo kwasendulo,nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabokuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.
3. Phambi kwabo kuyadla umlilo,nasemva kwabo kushisa ilangabi;izwe liphambi kwabo njengensimu yase-Edene,nangasemva kwabo kuyihlane lencithakalo,akukho okubabalekelayo.
4. Isimo sabo sinjengesimo samahhashi,bagijima njengabamahhashi.
5. Bangqabashiya ngomsindo wezinqola eziqongweni zezintaba,njengokuchochoza kwelangabi lomlilo elidla amabibinanjengabantu abanamandla, abahlelelwe ukulwa.
6. Phambi kwabo abantu bayathuthumela,bonke ubuso buyaphaphatheka.
7. Bagijima njengamaqhawe,bakhwela ezingangeni njengamadoda empi;bahamba,kube yilowo nalowo ngendlela yakhe,abaphambanisi izindlela zabo.
8. Abahlohlolozani omunye nomunye;bahamba,kube yilowo nalowo ngendlela yakhe;baziphonsa phakathi kwezikhali,abakhawuli.
9. Batheleka emzini,bagijima ogangeni;bakhuphukela ezindlini,bangena ngamafasitele njengesela.
10. Umhlaba uyazamazama phambi kwabo,amazulu ayathuthumela;ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama,nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.