Ujoweli 1:8-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Khala njengentombi ebhince indwangu yamasakangomyeni wobusha bayo.

9. Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwainqamukile endlini kaJehova;abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.

10. Amasimu achithekile,umhlabathi uyalila,ngokuba amabele achithiwe;iwayini elisha lishile,amafutha ayawuma.

11. Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi beziviningokolweni nangebhali,*ngokuba isivuno samasimu sichithakele.

12. Umvini ubunile,imikhiwane iwumile;imipomegranati,* namasundu,nemi-apula,*nemithi yonke yasendle kubunile,ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.

13. Bhincani, nikhale, bapristi,nihhewule, nina zikhonzi ze-altare;wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka,zikhonzi zikaNkulunkulu wami,ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwakugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.

14. Ngcwelisani ukuzila ukudla,nibize umhlangano;buthani amalunga,yebo, bonke abakhe ezweni,endlini kaJehova uNkulunkulu wenu,nikhale kuJehova.

15. Hawu lolo suku!Ngokuba usuku lukaJehova lusondele,lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.

16. Akunqunywanga ukudla kwethu phambi kwamehlo ethu,intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na?

Ujoweli 1