Ujoweli 1:6-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ngokuba kwenyukele ezweni lamiisizwe esinamandla nesingenakubalwa;amazinyo aso angamazinyo engonyama,namazinyo aso emihlathi angawengonyamakazi.

7. Sichithile umvini wami,saxebula umkhiwane wami;siwuxhozile nokuwuxhoza, sawulahla,amagatsha awo sawenza aba mhlophe.

8. Khala njengentombi ebhince indwangu yamasakangomyeni wobusha bayo.

9. Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwainqamukile endlini kaJehova;abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.

10. Amasimu achithekile,umhlabathi uyalila,ngokuba amabele achithiwe;iwayini elisha lishile,amafutha ayawuma.

11. Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi beziviningokolweni nangebhali,*ngokuba isivuno samasimu sichithakele.

12. Umvini ubunile,imikhiwane iwumile;imipomegranati,* namasundu,nemi-apula,*nemithi yonke yasendle kubunile,ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.

13. Bhincani, nikhale, bapristi,nihhewule, nina zikhonzi ze-altare;wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka,zikhonzi zikaNkulunkulu wami,ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwakugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.

Ujoweli 1