4. Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane,nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi,nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa.
5. Phaphamani, zidakwa, nikhale,nihhewule nonke eniphuza iwayiniukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.
6. Ngokuba kwenyukele ezweni lamiisizwe esinamandla nesingenakubalwa;amazinyo aso angamazinyo engonyama,namazinyo aso emihlathi angawengonyamakazi.
7. Sichithile umvini wami,saxebula umkhiwane wami;siwuxhozile nokuwuxhoza, sawulahla,amagatsha awo sawenza aba mhlophe.
8. Khala njengentombi ebhince indwangu yamasakangomyeni wobusha bayo.
9. Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwainqamukile endlini kaJehova;abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.
10. Amasimu achithekile,umhlabathi uyalila,ngokuba amabele achithiwe;iwayini elisha lishile,amafutha ayawuma.
11. Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi beziviningokolweni nangebhali,*ngokuba isivuno samasimu sichithakele.
12. Umvini ubunile,imikhiwane iwumile;imipomegranati,* namasundu,nemi-apula,*nemithi yonke yasendle kubunile,ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.
13. Bhincani, nikhale, bapristi,nihhewule, nina zikhonzi ze-altare;wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka,zikhonzi zikaNkulunkulu wami,ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwakugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.
14. Ngcwelisani ukuzila ukudla,nibize umhlangano;buthani amalunga,yebo, bonke abakhe ezweni,endlini kaJehova uNkulunkulu wenu,nikhale kuJehova.
15. Hawu lolo suku!Ngokuba usuku lukaJehova lusondele,lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.
16. Akunqunywanga ukudla kwethu phambi kwamehlo ethu,intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na?