Ujoweli 1:1-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi likaJehova elafika kuJoweliindodana kaPhethuweli.

2. Yizwani lokhu nina badala,nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni.Kwake kwaba khona emihleni yenu noma emihleni yawobaba na?

3. Kutsheleni abantwana benu,nabantwana benu abantwana babo,nabantwana babo esinye isizukulwane.

4. Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane,nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi,nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa.

5. Phaphamani, zidakwa, nikhale,nihhewule nonke eniphuza iwayiniukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.

6. Ngokuba kwenyukele ezweni lamiisizwe esinamandla nesingenakubalwa;amazinyo aso angamazinyo engonyama,namazinyo aso emihlathi angawengonyamakazi.

7. Sichithile umvini wami,saxebula umkhiwane wami;siwuxhozile nokuwuxhoza, sawulahla,amagatsha awo sawenza aba mhlophe.

8. Khala njengentombi ebhince indwangu yamasakangomyeni wobusha bayo.

9. Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwainqamukile endlini kaJehova;abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.

10. Amasimu achithekile,umhlabathi uyalila,ngokuba amabele achithiwe;iwayini elisha lishile,amafutha ayawuma.

11. Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi beziviningokolweni nangebhali,*ngokuba isivuno samasimu sichithakele.

12. Umvini ubunile,imikhiwane iwumile;imipomegranati,* namasundu,nemi-apula,*nemithi yonke yasendle kubunile,ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.

13. Bhincani, nikhale, bapristi,nihhewule, nina zikhonzi ze-altare;wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka,zikhonzi zikaNkulunkulu wami,ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwakugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.

14. Ngcwelisani ukuzila ukudla,nibize umhlangano;buthani amalunga,yebo, bonke abakhe ezweni,endlini kaJehova uNkulunkulu wenu,nikhale kuJehova.

Ujoweli 1