Ujoshuwa 9:14-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Amadoda ayesethatha emphakweni wabo engabuzanga umlomo kaJehova.

15. UJoshuwa wabethembisa ukuthula, wenza isivumelwano nabo ukuba baphile; izikhulu zenhlangano zafunga kubo.

16. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu sebesenzile isivumelwano nabo, bezwa ukuthi bangabakhelwane babo nokuthi bahlala phakathi kwabo.

17. Abantwana bakwa-Israyeli base besuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu; imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBeroti, neKiriyati Jeharimi.

18. Abantwana bakwa-Israyeli ababachithanga, ngokuba izikhulu zenhlangano zazifungile kubo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Yonke inhlangano yakhonona ngezikhulu.

19. Zonke izikhulu zase zithi kuyo yonke inhlangano: “Sifungile kubo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngalokho asinakubathinta manje.

20. Siyakwenza lokho kubo, sibayeke baphile, funa sehlelwe lulaka ngenxa yesifungo esasifunga kubo.”

21. Izikhulu zase zithi kubo: “Mabayekwe baphile; baba ngabagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo yonke inhlangano njengalokho izikhulu zazibatshelile.”

22. UJoshuwa wababiza, wakhuluma kubo, wathi: “Nisikhohliseleni ngokuthi: ‘Sikude kakhulu nani,’ lokhu nakhile phakathi kwethu, na?

23. Ngalokho seniqalekisiwe, akuyikunqamuka ukuvela kini izigqila, abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo indlu kaNkulunkulu wami.”

24. Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Kungokuba izinceku zakho zatshelwa nokutshelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke, achithe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu; ngalokho sesaba kakhulu ngokuphila kwethu ngenxa yenu, sakwenza lokho.

25. Bheka, manje sesisesandleni sakho; okuhle nokulungile emehlweni akho ukuba ukwenze kithi, kwenze.”

26. Wayesenze njalo kubo, wabophula esandleni sabantwana bakwa-Israyeli, baze bangababulali.

27. UJoshuwa wabenza ngalolo suku abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo inhlangano nakulo i-altare likaJehova kuze kube namuhla endaweni abeyakuyikhetha.

Ujoshuwa 9