11. Amalunga ethu nabo bonke abakhileyo ezweni lakithi bakhuluma kithi, bathi: ‘Phathani ezandleni zenu umphako wendlela, niye nibahlangabeze, nithi kubo: “Siyizinceku zenu; manenze isivumelwano nathi.” ’
12. Lesi sinkwa somphako wethu sasithatha sisashisa ezindlini zethu ngosuku esaphuma ngalo ukuba siye kini; kepha manje, bhekani, sesomile, sikhuntile;
13. lezi zimvaba zewayini esazigcwalisa zazizintsha; bhekani, seziklebhukile; lezi zingubo zethu nezicathulo zethu sezigugile ngenxa yendlela ende kakhulu.”
14. Amadoda ayesethatha emphakweni wabo engabuzanga umlomo kaJehova.
15. UJoshuwa wabethembisa ukuthula, wenza isivumelwano nabo ukuba baphile; izikhulu zenhlangano zafunga kubo.
16. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu sebesenzile isivumelwano nabo, bezwa ukuthi bangabakhelwane babo nokuthi bahlala phakathi kwabo.
17. Abantwana bakwa-Israyeli base besuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu; imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBeroti, neKiriyati Jeharimi.
18. Abantwana bakwa-Israyeli ababachithanga, ngokuba izikhulu zenhlangano zazifungile kubo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Yonke inhlangano yakhonona ngezikhulu.
19. Zonke izikhulu zase zithi kuyo yonke inhlangano: “Sifungile kubo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngalokho asinakubathinta manje.
20. Siyakwenza lokho kubo, sibayeke baphile, funa sehlelwe lulaka ngenxa yesifungo esasifunga kubo.”
21. Izikhulu zase zithi kubo: “Mabayekwe baphile; baba ngabagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo yonke inhlangano njengalokho izikhulu zazibatshelile.”
22. UJoshuwa wababiza, wakhuluma kubo, wathi: “Nisikhohliseleni ngokuthi: ‘Sikude kakhulu nani,’ lokhu nakhile phakathi kwethu, na?
23. Ngalokho seniqalekisiwe, akuyikunqamuka ukuvela kini izigqila, abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo indlu kaNkulunkulu wami.”
24. Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Kungokuba izinceku zakho zatshelwa nokutshelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke, achithe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu; ngalokho sesaba kakhulu ngokuphila kwethu ngenxa yenu, sakwenza lokho.