Ujoshuwa 9:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi lapho onke amakhosi ayengaphesheya kweJordani, ezintabeni, nasemathafeni, nasogwini lonke loLwandle Olukhulu olubhekene neLebanoni, amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, esezwa lokho,

2. abuthana ndawonye ukuba alwe noJoshuwa no-Israyeli nganhliziyonye.

3. Kepha bathi ukuba abakhileyo eGibeyoni bezwa lokho uJoshuwa ayekwenzile kulo iJeriko ne-Ayi,

4. nabo benza ubuqili, bahamba bazenzisa kwangathi bayizithunywa, babeka amasaka agugileyo ezimbongolweni zabo, nezimvaba zewayini ezigugileyo neziklebhukileyo, ebesezithungiwe,

5. nezicathulo ezigugileyo eziciciyelweyo zisezinyaweni zabo, bembethe nezingubo ezigugileyo; isinkwa sonke somphako wabo sasomile, sikhuntile.

6. Baya kuJoshuwa ekamu* laseGiligali, bathi kuye nakumadoda akwa-Israyeli: “Sivela ezweni elikude; ngalokho manenze manje isivumelwano nathi.”

7. Amadoda akwa-Israyeli athi kumaHivi: “Mhlawumbe nakhile phakathi kwethu; singenza kanjani isivumelwano nani na?”

Ujoshuwa 9