1. Kwathi lapho onke amakhosi ayengaphesheya kweJordani, ezintabeni, nasemathafeni, nasogwini lonke loLwandle Olukhulu olubhekene neLebanoni, amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, esezwa lokho,
2. abuthana ndawonye ukuba alwe noJoshuwa no-Israyeli nganhliziyonye.
3. Kepha bathi ukuba abakhileyo eGibeyoni bezwa lokho uJoshuwa ayekwenzile kulo iJeriko ne-Ayi,
4. nabo benza ubuqili, bahamba bazenzisa kwangathi bayizithunywa, babeka amasaka agugileyo ezimbongolweni zabo, nezimvaba zewayini ezigugileyo neziklebhukileyo, ebesezithungiwe,
5. nezicathulo ezigugileyo eziciciyelweyo zisezinyaweni zabo, bembethe nezingubo ezigugileyo; isinkwa sonke somphako wabo sasomile, sikhuntile.
6. Baya kuJoshuwa ekamu* laseGiligali, bathi kuye nakumadoda akwa-Israyeli: “Sivela ezweni elikude; ngalokho manenze manje isivumelwano nathi.”
7. Amadoda akwa-Israyeli athi kumaHivi: “Mhlawumbe nakhile phakathi kwethu; singenza kanjani isivumelwano nani na?”
8. Bathi kuJoshuwa: “Siyizinceku zakho.”UJoshuwa wathi kubo: “Ningobani, futhi nivelaphi na?”
9. Bathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba siluzwile udumo lwakhe, nakho konke akwenzayo eGibithe,
10. nakho konke akwenza kuwo amakhosi omabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani, eyayise-Ashitaroti.
11. Amalunga ethu nabo bonke abakhileyo ezweni lakithi bakhuluma kithi, bathi: ‘Phathani ezandleni zenu umphako wendlela, niye nibahlangabeze, nithi kubo: “Siyizinceku zenu; manenze isivumelwano nathi.” ’
12. Lesi sinkwa somphako wethu sasithatha sisashisa ezindlini zethu ngosuku esaphuma ngalo ukuba siye kini; kepha manje, bhekani, sesomile, sikhuntile;
13. lezi zimvaba zewayini esazigcwalisa zazizintsha; bhekani, seziklebhukile; lezi zingubo zethu nezicathulo zethu sezigugile ngenxa yendlela ende kakhulu.”
14. Amadoda ayesethatha emphakweni wabo engabuzanga umlomo kaJehova.
15. UJoshuwa wabethembisa ukuthula, wenza isivumelwano nabo ukuba baphile; izikhulu zenhlangano zafunga kubo.
16. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu sebesenzile isivumelwano nabo, bezwa ukuthi bangabakhelwane babo nokuthi bahlala phakathi kwabo.