Ujoshuwa 7:13-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. “Suka ungcwelise abantu, uthi: ‘Zingcweliseleni ingomuso, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awunakuma phambi kwezitha zakho, ningakakususi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.

14. “ ‘Kusasa niyakusondezwa ngezizwe zakini; kuyakuthi isizwe asithathayo uJehova sisondele ngemindeni; umndeni awuthathayo uJehova uyakusondela ngezindlu; indlu ayithathayo uJehova iyakusondela ngabantu.

15. Kuyakuthi othathwayo enokuqalekisiweyo ashiswe ngomlilo, yena nakho konke anakho, ngokuba eqile isivumelwano sikaJehova nangokuba esebenzile ubuwula kwa-Israyeli.’ ”

16. UJoshuwa wayesevuka ekuseni kakhulu, wasondeza u-Israyeli ngezizwe zakubo; isizwe sakwaJuda sathathwa.

17. Wayesesondeza imindeni yakwaJuda; wathatha umndeni wakwaZera, wawusondeza umndeni wakwaZera ngabantu, kwathathwa uZabidi.

18. Wayisondeza indlu yakhe ngabantu; u-Akani kaKarmi kaZabidi kaZera, owesizwe sakwaJuda, wathathwa.

19. UJoshuwa wayesethi ku-Akani: “Ndodana yami, ake umnike uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli inkazimulo, uvume kuye, ungitshele okwenzileyo, ungangifihleli.”

20. U-Akani wamphendula uJoshuwa, wathi: “Kuyiqiniso, ngonile kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngenza ukuthi nokuthi.

21. Ngabona empangweni ingubo enhle yaseShineyari, namashekeli* angamakhulu amabili esiliva, nesigaxa segolide esinesisindo esingamashekeli angamashumi ayisihlanu, ngakufisa, ngakuthatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.”

Ujoshuwa 7