5. Kuyakuthi lapho bekhalisa kade uphondo lwejubili* nalapho nilizwa izwi lecilongo, bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu, ugange lomuzi luwele phansi endaweni yalo, abantu bakhuphuke, yilowo nalowo aqonde phambili nje.”
6. UJoshuwa indodana kaNuni wabiza abapristi, wathi kubo: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, abapristi abayisikhombisa bathwale amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo kaJehova.”
7. Kubantu wathi: “Dlulani, niwuzungeze umuzi, abahlomileyo badlule phambi komphongolo kaJehova.”
8. Kwathi lapho uJoshuwa esekhulumile kubantu, abapristi abayisikhombisa bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi kukaJehova badlula, babetha amacilongo, umphongolo wesivumelwano sikaJehova wabalandela.
9. Abahlomileyo bahamba phambi kwabapristi ababetha amacilongo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo, bebetha amacilongo besahamba.
10. UJoshuwa wayala abantu, wathi: “Aniyikukhamuluka; ningalizwakalisi izwi lenu, kungaphumi gama emlonyeni wenu, kuze kufike usuku engiyakuthi ngalo kini: ‘Khamulukani!’ Bese nikhamuluka.”
11. Wayesenza ukuba umphongolo kaJehova uzungeze umuzi, wawuhaqa kanye; base befika ekamu,* balala ubusuku ekamu.
12. UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bathatha umphongolo kaJehova.
13. Abapristi abayisikhombisa, bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo kaJehova, bahamba njalo bewabetha amacilongo; abahlomileyo bahamba phambi kwabo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo kaJehova, bebetha amacilongo besahamba.
14. Ngosuku lwesibili bawuzungeza umuzi kanye, babuyela ekamu;* benze njalo izinsuku eziyisithupha.
15. Kwathi ngosuku lwesikhombisa bavuka ukuntwela kokusa, bawuzungeza umuzi ngandlelanye kasikhombisa; ngalolo suku kuphela bawuzungeza umuzi kasikhombisa.
16. Kwathi ngokwesikhombisa abapristi sebebethile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Khamulukani, ngokuba uJehova uninikile umuzi.
17. Umuzi uyakwahlukaniselwa uJehova, wona nakho konke okukuwo; uRahabi isifebe kuphela uyakusinda, yena nabo bonke abakuye endlini, ngokuba wazithukusa izithunywa esazithumayo.