12. UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bathatha umphongolo kaJehova.
13. Abapristi abayisikhombisa, bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo kaJehova, bahamba njalo bewabetha amacilongo; abahlomileyo bahamba phambi kwabo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo kaJehova, bebetha amacilongo besahamba.
14. Ngosuku lwesibili bawuzungeza umuzi kanye, babuyela ekamu;* benze njalo izinsuku eziyisithupha.
15. Kwathi ngosuku lwesikhombisa bavuka ukuntwela kokusa, bawuzungeza umuzi ngandlelanye kasikhombisa; ngalolo suku kuphela bawuzungeza umuzi kasikhombisa.
16. Kwathi ngokwesikhombisa abapristi sebebethile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Khamulukani, ngokuba uJehova uninikile umuzi.
17. Umuzi uyakwahlukaniselwa uJehova, wona nakho konke okukuwo; uRahabi isifebe kuphela uyakusinda, yena nabo bonke abakuye endlini, ngokuba wazithukusa izithunywa esazithumayo.
18. Kodwa zigcineni nina kukho okuqalekisiweyo, funa lapho senikuqalekisile nithathe kukho okuqalekisiweyo, nilenze ikamu* libe ngeliqalekisiweyo, nilihluphe.
19. Kepha lonke isiliva, negolide, nezitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuJehova; kuyakungena endlini yengcebo kaJehova.”