10. UJoshuwa wayala abantu, wathi: “Aniyikukhamuluka; ningalizwakalisi izwi lenu, kungaphumi gama emlonyeni wenu, kuze kufike usuku engiyakuthi ngalo kini: ‘Khamulukani!’ Bese nikhamuluka.”
11. Wayesenza ukuba umphongolo kaJehova uzungeze umuzi, wawuhaqa kanye; base befika ekamu,* balala ubusuku ekamu.
12. UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bathatha umphongolo kaJehova.
13. Abapristi abayisikhombisa, bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo kaJehova, bahamba njalo bewabetha amacilongo; abahlomileyo bahamba phambi kwabo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo kaJehova, bebetha amacilongo besahamba.
14. Ngosuku lwesibili bawuzungeza umuzi kanye, babuyela ekamu;* benze njalo izinsuku eziyisithupha.
15. Kwathi ngosuku lwesikhombisa bavuka ukuntwela kokusa, bawuzungeza umuzi ngandlelanye kasikhombisa; ngalolo suku kuphela bawuzungeza umuzi kasikhombisa.
16. Kwathi ngokwesikhombisa abapristi sebebethile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Khamulukani, ngokuba uJehova uninikile umuzi.
17. Umuzi uyakwahlukaniselwa uJehova, wona nakho konke okukuwo; uRahabi isifebe kuphela uyakusinda, yena nabo bonke abakuye endlini, ngokuba wazithukusa izithunywa esazithumayo.