Ujoshuwa 5:9-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Namuhla ngilethulile kini ihlazo laseGibithe.” Ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iGiligali kuze kube namuhla.

10. Abantwana bakwa-Israyeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga ngakusihlwa emathafeni aseJeriko.

11. Badla ezithelweni zezwe ngolwangakusasa emva kwephasika, amaqebelengwane angenamvubelo notshwele ngalona lolo suku.

Ujoshuwa 5