Ujoshuwa 4:9-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. UJoshuwa wamisa amatshe ayishumi nambili phakathi neJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zazimi khona; akhona kuze kube namuhla.

10. Abapristi abathwala umphongolo babemi phakathi neJordani, kwaze kwaphelela konke uJehova amyale ngakho uJoshuwa ukuba akukhulume kubantu njengakho konke uMose abemyale ngakho uJoshuwa; abantu bashesha bawela.

11. Kwathi lapho bonke abantu sebewelile baphelela, umphongolo kaJehova wawela kanye nabapristi emehlweni abantu.

12. Abantwana bakwaRubeni, nabantwana bakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase bawela behlomile phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uMose ebekhulumile kubo;

13. kwawela phambi kukaJehova kungathi abayizinkulungwane ezingamashumi amane behlomele ukulwa ukuba baphume impi, baye emathafeni aseJeriko.

14. Ngalolo suku uJehova wamkhulisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose izinsuku zonke zokuhamba kwakhe.

15. UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:

Ujoshuwa 4