Ujoshuwa 4:15-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:

16. “Yala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano ukuba benyuke eJordani.”

17. UJoshuwa wayala-ke abapristi, wathi: “Yenyukani eJordani.”

18. Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova sebenyuke phakathi kweJordani, amathe ezinyawo zabapristi esefike emhlabathini owomileyo, amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo, aphuphuma lonke ugu njengakuqala.

Ujoshuwa 4