Ujoshuwa 4:13-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. kwawela phambi kukaJehova kungathi abayizinkulungwane ezingamashumi amane behlomele ukulwa ukuba baphume impi, baye emathafeni aseJeriko.

14. Ngalolo suku uJehova wamkhulisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose izinsuku zonke zokuhamba kwakhe.

15. UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:

16. “Yala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano ukuba benyuke eJordani.”

17. UJoshuwa wayala-ke abapristi, wathi: “Yenyukani eJordani.”

Ujoshuwa 4