Ujoshuwa 4:10-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Abapristi abathwala umphongolo babemi phakathi neJordani, kwaze kwaphelela konke uJehova amyale ngakho uJoshuwa ukuba akukhulume kubantu njengakho konke uMose abemyale ngakho uJoshuwa; abantu bashesha bawela.

11. Kwathi lapho bonke abantu sebewelile baphelela, umphongolo kaJehova wawela kanye nabapristi emehlweni abantu.

12. Abantwana bakwaRubeni, nabantwana bakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase bawela behlomile phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uMose ebekhulumile kubo;

13. kwawela phambi kukaJehova kungathi abayizinkulungwane ezingamashumi amane behlomele ukulwa ukuba baphume impi, baye emathafeni aseJeriko.

14. Ngalolo suku uJehova wamkhulisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose izinsuku zonke zokuhamba kwakhe.

15. UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:

16. “Yala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano ukuba benyuke eJordani.”

17. UJoshuwa wayala-ke abapristi, wathi: “Yenyukani eJordani.”

18. Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova sebenyuke phakathi kweJordani, amathe ezinyawo zabapristi esefike emhlabathini owomileyo, amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo, aphuphuma lonke ugu njengakuqala.

19. Abantu benyuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala, bamisa eGiligali emkhawulweni wangasempumalanga kwaseJeriko.

20. Lawo matshe ayishumi nambili abawakhipha eJordani wawamisa eGiligali.

21. Wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nxa abantwana benu beyakubuza oyise ngesikhathi esizayo, bethi: ‘Ayini lawa matshe na?’

22. anobazisa abantwana benu, nithi: ‘U-Israyeli wawela leli Jordani emhlabathini owomileyo,’

23. ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu wawamisa amanzi aseJordani phambi kwenu, naze nawela, njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu wenza eLwandle Olubomvu, alomisa phambi kwethu, saze sawela,

24. ukuba abantu bonke bomhlaba bazi isandla sikaJehova ukuthi sinamandla, nesabe uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube phakade.”

Ujoshuwa 4