Ujoshuwa 4:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi lapho isizwe sonke sesiwele iJordani saphelela, uJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:

2. “Zithatheleni amadoda ayishumi nambili, indoda ibenye ngesizwe,

3. niwayale nithi: ‘Zikhipheleni lapha phakathi kweJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi zazimi khona ziqinile, amatshe ayishumi nambili, niwele nawo, niwabeke endaweni eniyakulala kuyo ebusuku.’ ”

4. UJoshuwa wayesebiza lawo madoda ayishumi nambili ayewakhethile kubantwana bakwa-Israyeli, indoda inye ngesizwe.

Ujoshuwa 4