9. UJoshuwa wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Sondelani lapha, nizwe amazwi kaJehova uNkulunkulu wenu.”
10. Wathi uJoshuwa: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama-Amori, namaJebusi.
11. Bhekani, umphongolo wesivumelwano seNkosi yomhlaba wonke uwela iJordani phambi kwenu.
12. Ngalokho zithatheleni manje amadoda ayishumi nambili ezizweni zakwa-Israyeli, indoda ibenye ngesizwe.
13. Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abathwala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke, eyakuma emanzini aseJordani, amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.”