Ujoshuwa 3:5-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. UJoshuwa wathi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.”

6. UJoshuwa wakhuluma kubapristi, wathi: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, niwele phambi kwabantu.” Baphakamisa-ke umphongolo wesivumelwano, bahamba phambi kwabantu.

7. UJehova wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukukhulisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli ukuba bazi ukuthi njengalokho nganginoMose, kanjalo ngiyakuba nawe.

8. Wobayala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano, uthi: ‘Nxa senifikile onqenqemeni lwamanzi aseJordani, niyakuma ngaseJordani.’ ”

9. UJoshuwa wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Sondelani lapha, nizwe amazwi kaJehova uNkulunkulu wenu.”

10. Wathi uJoshuwa: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama-Amori, namaJebusi.

11. Bhekani, umphongolo wesivumelwano seNkosi yomhlaba wonke uwela iJordani phambi kwenu.

Ujoshuwa 3