Ujoshuwa 3:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ebusuku bengakaweli.

2. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu izinduna zadabula phakathi kwekamu.*

3. Zayala abantu, zathi: “Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu nabapristi bamaLevi bewuthwala, niyakusuka endaweni yenu, niwulandele.

4. Nokho kuyakuba khona ibanga phakathi kwenu nawo, lingangezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngokulinganisa, ningasondeli kuwo, ukuba nazi indlela eniyakuhamba ngayo, ngokuba anidlulanga ngale ndlela phambili.”

Ujoshuwa 3