6. Ngakhipha oyihlo eGibithe; nafika elwandle; abaseGibithe babaxosha oyihlo ngezinqola nangabamahhashi, baze bafika eLwandle Olubomvu.
7. Lapho bekhala kuJehova, wabeka ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibithe, waluhambisa ulwandle phezu kwabo, wabasibekela; amehlo enu abona engakwenzayo eGibithe; nahlala ehlane izinsuku eziningi.
8. “ ‘Nganingenisa ezweni lama-Amori ahlala ngaphesheya kweJordani, alwa nani; ngawanikela esandleni senu, nadla izwe lawo; ngawachitha phambi kwenu.
9. Kwase kuvuka uBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi, walwa no-Israyeli; wathuma wabiza uBileyamu indodana kaBeyori ukuba aniqalekise,
10. kepha angithandanga ukumlalela uBileyamu, kodwa kakhulu wanibusisa, nganophula esandleni sakhe.
11. “ ‘Nase niwela iJordani, nafika eJeriko; amadoda aseJeriko alwa nani, nama-Amori, namaPherizi, namaKhanani, namaHeti, namaGirigashi, namaHivi, namaJebusi, ngawanikela esandleni senu.
12. Ngathuma iminyovu phambi kwenu eyawaxosha phambi kwenu amakhosi omabili ama-Amori, kungengankemba yakho noma ngomnsalo wakho.
13. Nganinika izwe eningakhandlekanga kulo, nemizi eningayakhanga nihlala nokho kuyo; niyadla ezivinini naseminqumeni eningakutshalanga.’
14. “Manje yesabani uJehova, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso, nisuse onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo phesheya koMfula* naseGibithe, nimkhonze uJehova.
15. Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”
16. Abantu baphendula bathi: “Makube kude nathi ukumshiya uJehova ukuba sikhonze abanye onkulunkulu,
17. ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu nguye owasikhuphula thina nawobaba ezweni laseGibithe, indlu yobugqila, nowazenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu, wasilondoloza endleleni yonke esahamba ngayo, naphakathi kwabo bonke abantu esadlula phakathi kwabo.
18. UJehova waxosha phambi kwethu bonke abantu, nama-Amori futhi ayehlala ezweni; ngalokho nathi siyakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu wethu.”
19. UJoshuwa wathi kubantu: “Aninakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu ongcwele; unguNkulunkulu onomhawu, akayikuthethelela iziphambeko zenu nezono zenu.
20. Uma nimshiya uJehova, nikhonze onkulunkulu babezizwe, uyakuphenduka, anenzele okubi, aniqede esenenzele okuhle.”
21. Kepha abantu bathi kuJoshuwa: “Qha, ngokuba siyakumkhonza uJehova.”
22. Wayesethi uJoshuwa kubantu: “Nina ningofakazi benu bokuthi nizikhethele uJehova ukuba nimkhonze yena.”Bathi: “Singofakazi.”
23. Wathi: “Susani manje onkulunkulu babezizwe abaphakathi kwenu, nithobele izinhliziyo zenu kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.”
24. Abantu bathi kuJoshuwa: “UJehova uNkulunkulu wethu siyakumkhonza, sililalele izwi lakhe.”
25. UJoshuwa wayesenza isivumelwano nabantu ngalolo suku, wabamisela isimiso nomthetho eShekemi.