Ujoshuwa 24:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJoshuwa wabutha zonke izizwe zakwa-Israyeli eShekemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, nezinhloko zakhe, nabahluleli bakhe, nezinduna zakhe, bema phambi kukaNkulunkulu.

2. UJoshuwa wathi kubantu bonke: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Oyihlo bahlala endulo ngaphesheya koMfula,* uThera uyise ka-Abrahama noyise kaNahori, bakhonza abanye onkulunkulu.

3. Ngamthatha uyihlo u-Abrahama ngaphesheya koMfula,* ngamhambisa ezweni lonke laseKhanani, ngayandisa inzalo yakhe, ngamupha u-Isaka.

4. Ngamupha u-Isaka oJakobe no-Esawu; ngamnika u-Esawu intaba yaseSeyiri ukuba ayidle; uJakobe nabantwana bakhe behlela eGibithe.

5. “ ‘Ngathuma oMose no-Aroni, ngahlupha iGibithe ngalokho engakwenza phakathi kwalo; ngasemuva nganikhipha.

Ujoshuwa 24