1. Kwathi emva kwezinsuku eziningi, lapho uJehova esephumuzile u-Israyeli ezitheni zabo zonke nxazonke, uJoshuwa esemdala eneminyaka eminingi,
2. uJoshuwa wabiza wonke u-Israyeli, amalunga akhe, nezinhloko zakhe, nabahluleli bakhe, nezinduna zakhe, wathi kubo: “Sengimdala ngineminyaka eminingi;
3. nibonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilweleyo.
4. Bhekani, nginabele lezi zizwe eziseleyo zibe yifa lezizwe zenu, kusukela eJordani, kanye nezizwe zonke engizinqumileyo, kuze kufike eLwandle Olukhulu ngasentshonalanga.
5. UJehova uNkulunkulu wenu uyakuzixosha ngaphambi kwenu, azidungule ebusweni benu, nilidle izwe lazo, njengalokho ebekhuluma uJehova uNkulunkulu wenu kini.
6. “Yimani kakhulu isibindi ukugcina nokwenza konke okulotshiwe encwadini yomthetho kaMose, ukuze ningachezuki kukho ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo,
7. ukuba ningangeni kulezo zizwe ezisele phakathi kwenu, ningabizi amagama awonkulunkulu bazo, ningabafungi, ningabakhonzi, ningabakhothameli,
8. kepha ninamathele kuJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla.
9. “Ngokuba uJehova uxoshile ngaphambi kwenu izizwe ezinkulu ezinamandla, kepha nina, akukho muntu omile phambi kwenu kuze kube namuhla.