Kuthe uFinehasi umpristi, nezikhulu zenhlangano, izinhloko zemindeni yakwa-Israyeli ezazinaye sezizwile amazwi akhulunywa ngabantwana bakwaRubeni, nangabantwana bakwaGadi, nangabantwana bakwaManase, kwaba kuhle emehlweni abo.