Ujoshuwa 22:15-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi, bakhuluma kubo, bathi:

16. “Isho kanje yonke inhlangano kaJehova, ithi: ‘Isiphambeko sini enisenzile kuNkulunkulu ka-Israyeli ukuba nibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokuzakhela i-altare, nihlubuke namuhla uJehova.

17. Ububi basePeyori buncane yini kithi esingakazihlambululi kubo kuze kube namuhla, noma inhlangano kaJehova yehlelwa yisifo,

18. ukuba nibuye namuhla ekumlandeleni uJehova na? Kuzakuthi uma nihlubuka namuhla uJehova, athukuthelele yonke inhlangano ka-Israyeli kusasa.

19. Kepha uma izwe lefa lenu lingcolile, welani, niye ezweni lefa likaJehova, lapho lihlala khona itabernakele* likaJehova, nibe nefa phakathi kwethu; kepha ningahlubuki uJehova, ningahlubuki futhi kithi ngokuzakhela i-altare ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu.

20. U-Akani indodana kaZera akenzanga yini isiphambeko kukho okuqalekisiweyo, yonke inhlangano yakwa-Israyeli yehlelwa yintukuthelo na? Futhi akafanga yedwa lowo muntu ebubini bakhe.’ ”

21. Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase baphendula, bakhuluma kuzo izinhloko zemindeni yakwa-Israyeli, bathi:

22. “UNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, uyakwazi, no-Israyeli futhi uyakukwazi ukuthi uma kwakungokuhlubuka noma kungokuphambuka kuJehova, ungasisindisi namuhla

23. ngokuthi sizakhele i-altare, sabuya ekumlandeleni uJehova; futhi uma kwakungukuba sinikele phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yempuphu, nokuba sinikele ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula phezu kwalo, uJehova uqobo makakubize.

24. “Qha, impela senzile lokho ngokunakekela nangesizathu, sathi: Ngesikhathi esizayo abantwana benu bangakhuluma kubantwana bethu ngokuthi: ‘Ninamsebenzi muni noJehova uNkulunkulu ka-Israyeli na?

25. UJehova wenzile iJordani umkhawulo phakathi kwethu nani, nina bantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi; aninasabelo kuJehova;’ abantwana benu bese bebuyisela emuva abantwana bethu ukuba bangabe besamesaba uJehova.

Ujoshuwa 22