7. Abantwana bakwaMerari ngemindeni yabo babelwa esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni imizi eyishumi nambili.
8. Abantwana bakwa-Israyeli bawanika amaLevi ngenkatho leyo mizi kanye namadlelo ayo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose.
9. Abelwa esizweni sabantwana bakwaJuda nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni lemizi eshiwo lapha ngamagama
10. yaba ngeyabantwana bakwa-Aroni bemindeni yamaKohati ayengamaLevi; ngokuba inkatho yokuqala yaba ngeyabo.
11. Bawanika umuzi ka-Araba owayenguyise ka-Anaki, oyiHebroni, ezintabeni zakwaJuda, kanye namadlelo awo nxa zonke zawo.
12. Kepha amasimu omuzi nemizana yawo bamnika khona uKalebi indodana kaJefune kube yifa lakhe.
13. Abantwana bakwa-Aroni, umpristi, babanika iHebroni kanye namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neLibina kanye namadlelo alo,
14. neJatiri namadlelo alo, ne-Eshitemowa namadlelo alo,
15. neHoloni namadlelo alo, neDebiri namadlelo alo,
16. ne-Ayini namadlelo alo, neJutha namadlelo alo, neBeti Shemeshi namadlelo alo, imizi eyisishiyagalolunye kulezo zizwe zombili.